Umphakathi ushaye obulale umuntu
2012-12-12 14:02
Johannesburg - Owesilisa odabuka kwelinye izwe nosolwa ngokubulala owasezweni lakubo ubanjiwe washaywa yizakhamuzi zaseDiepsloot ngoLwesithathu ekuseni, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Izakhamuzi zaseDiepsloot e-Extension Four, zibe sezibikela amaphoyisa, kusho uWarrant Officer Daniel Mavimbela.
Lo wesilisa ulimale ekhanda nasemzimbeni, uyiswe esibhedlela esisendaweni, kanti ugcinwe khona ngaphansi kwesandla samaphoyisa.
Uzovela eNkantolo yeMantshi ePitoli maduzane.
Ngesikhathi sokuhlasela, usole omunye umlisa ngokweba ummese wakhe u-okapi, waphinde wasabisa omunye ngommese ngesikhathi ezama ukungenelela, kusho uMavimbela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA