Umphakathi ushaqekile ngokopolotwe iso

2012-04-26 08:32
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ugogo waseGingindlovu nguye obize amaphoyisa ukuba azobopha umzukulu wakhe ngokudlwengula intombazane, 8, wayikopolota neso, kubika iphephandaba iThe Witness ngoLwesine.

Le ntombazane ikopolotwe iso langakwesobunxele kulokhu kuhlaselwa okunesihluku KwaZulu-Natal.

“Sikhulume nomndeni wentombazane futhi bengikhona ngesikhathi iyiswa esibhedlela. Sonke besishaqekile ngalesi senzo," kusho ugogo etshela leli phephandaba.

Lo wesifazane ngeke akwazi ukudalulwa igama ngenxa yokuthi kuvikelwa umsolwa osemncane ngeminyaka.

Uthe umzukulu wakhe ubesolwa ngokudlwengula enye intombazane ngalo lolo suku, wamkhuza.

“Kulokhu sibe sesibiza amaphoyisa..."

Lo mfana, 15, uvele enkantolo yendawo ngoLwesithathu wase ededelelwa ezandleni zomqaphi wakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...