Umphakathi usakholelwa kwi-ANC - Kodwa

2015-07-23 17:33

Johannesburg - Iqembu elibusayo eNingizimu Afrika i-African National Congress lamukele imiphumela yokhetho lokuchibiyela njengoba liveze lokhu kusho ngokusobala ukuthi umphakathi usakholelwa ebuholini balo.

“Ukuzinikela kwethu ekusebenzeleni umphakathi, kusho ngokusobala ukuthi umphakathi usakholelwa ebuholoni be-ANC futhi sisahamba phambili ekubuseni izwe.

Lokhu kucaciswe yimiphumela yokhetho lokuchibiyela lwangoLwesithathu,” kusho okhulumela leli qembu uZizi Kodwa kwisitatimende.  

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abasolwa ababili ngolwasehostela eMlazi

I-ANC ibingenele ukhetho lokuchibiyela ezifundazweni ezinhlanu i-Western Cape, Eastern Cape, Limpopo, North West  neKwaZulu Natal kanti inqobe amawadi angu-7 kwangu-10.

“Kumawadi angu-7 esiwanqobile sikwazile ukugudluza i-DA esikhundleni endaweni yaseMatzikama (Vrendendall) eWestern Cape.

Lokhu kusibeka endaweni enhle okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo. Sibonga kakhulu abantu baseMzanzi ngokuqhubeka nokukhombisa ukubethemba ubuholi be-ANC,” kusho uKodwa.  

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...