Umphakathi usaba abazibiza nge 'Born to Kill'
2012-08-21 16:26
Bolemfontein - Izimpi eziphakathi kwamaqembu ezigebengu kanye namalungu omphakathi eBotshabelo, seziholele ekutheni kuvalwe izikole ezingu-59 endaweni, kusho izikhulu zikahulumeni ngoLwesibili.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eFree State uHoward Ndaba, usezigxekile lezi zigameko.
"NgoMsombuluko kume nse ukufunda ezikoleni ezingu-59 zaseBotshabelo, othisha baphazanyiswa yintsha ezibiza nge 'Born to Kill' (BTK)."
UNdaba uthe abazali baphoqeleke ukuthi balande izingane zabo ezikoleni.
Babili abagcine beboshwa ngokudala uthuthuva emphakathini, abahlali basola iqeqebana lentsha eseminyakeni ephakathi kuka-17 no-19, abathi idala kungabi khona ukuthula.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Tseko Mokgahle uthe umphakathi usukhathele yileli qembu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).