Umphakathi ukhiphe esinye isidumbu

2012-03-22 11:30
Yabelani Shicilela

Durban - Kuseyindida ukufa kwensizwa yaseManzimtoti isidumbu sayo esitholwe emakhazeni kahulumeni eScottburgh emuva kokuba igcine ithathwa ngoshova kubo yatalajwa ngabantu ababeyisola ngokweba, kubika iSolezwe.

Isidumbu sikaSifiso “Ntabeni” Sabela, 24, sitholwa ngoLwesibili nje yena wagcinwa ethathwa kubo emasontweni amabili edlule. Ubesolwa ngokugqekeza egaraji likaphethiloli i-Excel eZiko ngaseManzimtoti ekanye nabangani bakhe.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesibili eNkanini eKhayelitsha kushiswe amadoda amathathu agaxwe ngamathayi afa ngoba esolwa ngokweba i-generator.

Umndeni kaSifiso uthi usakhungekile namanje. Ulandisa ngokunyamalala kwakhe uthe kwabanjwa kwaboshwa abangani bakhe besolwa ngokugqekeza yena wathathwa wayoshaywa ngabanikazi baleli garaji ngoba kuthiwa uyena obephambili kulokhu.

Kuthiwa kusukela lapho akabange esabuyiselwa ekhaya yilaba balisa umndeni obaziyo ububagagula ngamagama futhi besho nokusho ukuthi uSifiso wagcina kubona kodwa abamazi ukuthi waphelelaphi.

UNkk Ntombi Sabela ongunina kaSifiso obehlengezela izinyembezi ngesikhathi echaza ngokunyamalala kwendodana yakhe uthi wezwa kuthiwa yagcinwa ukubonwa kade ishaywa emuva kokusolwa ngokugqekeza.

Okhulumela amaphoyisa asesifundazweni uCapt Thulani Zwane uthe bayalwazi lolu daba njengoba kuvulwe icala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...