Umphakathi udacaze udoti emzini wekhansela

2013-02-21 10:02

Johannesburg - Umphakathi wase-Orange Farm obukade uwotha ubomvu, uthathe udoti wayowudacaza emzini wekhansela lewadi uLindelwa June Nhose, kusho umbiko wangoLwesine.

IPhephandaba iThe Star libike lathi umphakathi ububhikishela ukungaqoqwa kukadoti, ukhale ngokuthi udoti wagcina ukulandwa mhlaka-16 Disemba.

Babe sebehudula imigqomo bafike bayithululela emzini wekhansela ngoMgqobelo, kwathi ngoLwesibili, laba abaqoqa udoti bawulanda.

Umgqugquzeli wombhikisho uPule Semahla uthi bakhuluma nemenenja yakwaPikitup eyabatshela ukuthi kufe iloli elilanda udoti, uthi babe sebexhumana nehhovisi elikhulu, lona elathi belingazi ngale nkinga.

"Ngesikhathi sikhuluma nekhansela ngale ndaba, laba nokwedelela, sibe sesiziphendulela."

Ayiphumelelanga imizamo yephephandaba yokuthola abakwaPikitup.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...