Umphakathi ubulale uthisha eLimpopo
2012-02-09 07:30
Johannesburg - Othisha nabafundi besikole saseLimpopo basabambe ongezansi mayelana nokukhandwa ngamatshe kubulawe uthisha ebulawa yisixuku ebesiwotha ubomvu, simsola ngokuthumba intombazane eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, kubika iSowetan.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ntambama eNobody GaMothiba, ngaphandle kwaseMankweng, ePolokwane.
Okhulumela amaphoyisa aseMankweng uConstable Moses Molepo uthe lo thisha, uJames Mokoma, 26, uhlaselwe ephuma esikoleni.
Amaphoyisa athi lo thisha uthole le ntombazanyana idlala nezinye izingane wase ehamba nayo.
Kuthiwa lo thisha ubonwe unina wengane nobecabanga ukuthi uthumba ingane yakhe, umphakathi uwuzange usabuza wasina wazibethela.
Lo thisha ugcine ngokushona.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24