Umphakathi ubulale osolwa ngokubulala
2012-10-08 10:02
Gabisile Ngcobo, The Witness
Pietermaritzburg - Izakhamuzi zaseMbali kwaBB zimkhande ngamatshe waze washona lowo osolwa ngokubulala owesifazane, isidumbu sakhe satholakala egcekeni lakwamakhelwane.
Iphephandaba iThe Witness libike ukuthi isidumbu sikaNonkululeko Zungu satholakala silahlwe egcekeni likamakhelwane wakubo ngoLwesine ngemuva kokuduka izinsuku.
NgeSonto, inqwaba yezakhamuzi ikhande ngamatshe ngaphambi kokumfaka esitamkokweni owesilisa ubesolwa ngalesi sigameko.
Ithimba labatakuli lamaphoyisa yilo elikhiphe isidumbu sikamufi kule ndawo.
Izakhamuzi bezikikiza zishaya amakhwelo ngesikhathi kuqhubeka lokhu.
“Ungumdlwenguli,” kumemeza omunye.
“Wabulala intombazane engenacala,” kujobelela omunye.
Ngokwezakhamuzi, umphakathi ubusahlanganisa imali kaphethiloli ukuze kuzoshiswa isidumbu lesi.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe le ndoda ibisolwa ngokubulala omunye "umuntu".
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness