Umphakathi ubulale oshise umuzi wakubo

2012-08-27 08:08

Durban - Owesilisa ushonile ekhandwa ngamatshe ngumphakathi obuwotha ubomvu e-Elandskop Section 14 ngempelasonto kulandela ukuthi eshise umuzi kamama wakhe washaya nodadewabo.

Umndeni kaNhlanhla Dlamini ukholelwa ekutheni lo wesilisa, 46, ubenamadimoni njengoba ake azama ukubhokoda umama wakhe ngommese esikhathini esedlule, kusho umfowabo, nokhulume nephephandaba wacela ukungadalulwa.

“Ngemuva kokuzama ukugwaza umama sathola incwadi emaphoyiseni, emvimbela ukuba asondele kithi," esho.

NgoMgqibelo, ngesikhathi umndeni unomcimbi wokumbulwa kwetshe ekhaya, uDlamini ufike ngaphandle kokumenywa.

Ube eseshisa izindlu ezintathu zikamama, kusho umfowabo, nokuyilapho-ke umphakathi usine wazibethela kuye.

Ibhuntshile imizamo yokuthola amaphoyisa ukuba aphawule ngalesi sigameko.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

2014-10-21 18:25
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...