Umphakathi ubulale oshayise ingane wabaleka

2012-09-17 08:23

Johannesburg - UXhanti Xesha uhambe kubo eyogunda ikhanda, kodwa akuphelanga sikhathi esingakanani esedindilize emgwaqeni eshonile eRoodepoort, kusho umbiko.

Lo mfana obengomunye wabathathu ababe yizisulu zohide lwezigameko zokushayiswa yizimoto bese abashayeli bazo bashaya bachithe, kanti iningi labo lisuke licwile ezinkambeni zikaFaro, endaweni yaseSol Plaatje, eRoodepoort.

Umphakathi obuvutha ungabaselwe uthathe le ndoda, okukholakala ukuthi yiyo ebishayela, wayiyisa lapho kushonele khona lo mfanyana, 8, bayishaya yaze yashona.

Lezi zingozi ziqale ngabo-12:30 ngeSonto ngesikhathi amadoda amathathu, nokuthiwa aqhamuka komunye umphakathi, ayeshayela imoto yohlobo lweHonda esigcemeni sakwa-D beya kwa-E khona eSol Plaatje.

Abazibonele bathi ayehamba ngesivinini esikhulu aqale ashayisa isalukazi, abaleka, ase edlulela phambili ashayisa abafanyana ababili.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...