Umphakathi ubhaxabule osolwa ngokubulala

2013-02-18 07:40
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uthelekelwe ngumphathi washaywa, umlisa obesolwa ngokubulala ishende lentombi yakhe endaweni yaseMadobogo, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Indoda eneminyaka engu-36 ubudala, ihambe iyovakashela intombi yayo ngoMgqibelo, yase iyifica nomunye wesilisa, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Amanda Funani.

"Kube nempi phakathi komsolwa nentombi yakhe, kwaze kwangenelela ishende."

Indoda ibe isigwaza ishende ngebhodlela esifubeni lashona, ngakusasa umphakathi ube usuphuma inqina uthungatha umsolwa, obanjwe esekhaya kubo.

" Bazithathele umthetho ngezandla bamshaya ngaphambi kokuthi bamdlulisele emaphoyiseni."

UFunani uthi umsolwa udluliselwe emtholampilo, uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Atamelang, ngoMsombuluko.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...