Umphakathi ubambe izigebengu

2013-01-21 08:18
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umphakathi waseMeyerton uzizingele waze wazithola izigebengu eziyisihlanu ezizame ukugqekeza umuzi wowesifazane obesele nezingane zakhe kwakhe, kusho umbiko ngoMsombuluko.

"Bengisele nezingane zami ekhaya ngesikhathi izinja zikhonkotha into engapheli emnyango. Ngibe sengiphuma ngazithela phezu kwamadoda ayisihlanu ephethe amathuluzi," kusho lo wesifazane ongathandanga ukudalulwa igama lakhe, elandisa iBeeld.

"Ngibe sengimemeza, bangiziba, baqhubeka nokuhlephula i-burglar guard," esho.

Ube esefonela umyeni wakhe, ozithele phezu kwezigebengu sezihamba ngemoto, ube esezijaha washayisa imoto yazo kodwa zabaleka.

Lo wesifazane wabe esefonela ithimba eliqapha udweshu emphakathini kulo masipala.

Lezi zigelekeqe zibanjwe zicashe esigangeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...