Umona uyayibulala i-ANC - Mantashe

2013-01-09 13:02

Johannesburg - Umona nenkohlakalo yizinto ezilimaza iqembu elibusayo i-African National Congresss, kusho uNobhala weqembu uGwede Mantashe, ngoLwesithathu.

Kumele i-ANC iqinisekise ukuthi iyaqeda nya ngenkohlakalo nomona, kusho uMantashe ekhuluma eseRichmond, KwaZulu-Natal, kusho umbiko weThe Times.

"Umona uyayiqeda nya i-ANC. Amanye amalungu asephunduke inkukhu nempaka ngenxa yakho ukuba nomona.”

UMantashe uthe ubuholi beqembu obusanda kuqokwa, buzophasisa ukuthi kuphenywe ngokungahambisi kahle ekuthiwa kwenziwa ngamalunga, okufana nokwephula umthetho uma kuqokwa amakhansela.

Uthe uma kutholakala ukuthi kukhona ubushompeshompe obenzekile, umbiko uyokwedluliselwa emaphoyiseni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...