Umninimuzi uboshelwe ukugqekezela isiqashi

2012-11-14 16:25

Johannesburg - Ulale ebaliwe umninimuzi waseKagiso, ogqekeze endlini yesiqashi wantshontsha inkulungwane yamarandi, kusho amaphoyisa esifundazweni iGauteng.

Umsolwa oneminyaka engu-36 ubudala kuthiwa ugqekeze endlini yothize oqashile wase eba u-R1000, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Solomon Sibiya.

Isiqashi kuthiwa sikhiye endlini yaso ngoMgqibelo, kwathi uma sibuya safica umnyango ugengelezile, endlini kumapeketwane nemali ingasekho.

"Isiqashi sibuze kwezinye iziqashi ukuthi kwenzekeni, sase sitshelwa ukuthi kugqekeze umninimuzi," kusho uSibiya.

Kube sekuvulwa icala emaphoyiseni, kwaboshwa umninimuzi, kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKagiso maduzane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...