Umngani ubulale omunye kubangwa ishumi

2013-01-30 08:23

Cape Town - Kuphele ngokuchitheka kwegazi ukukweletana kwabangani ababili u-R1 njengoba indoda igcine isale enkundleni ngenxa yalokhu, ishiya intombi nezingane, kubika iDaily Voice.

UYandisa “Maradonna” Cele, 31, ugwazwe washona esendleleni eya emsebenzini ngoLwesine.

Lesi sigameko senzeke buqamama nasemzini wakhe oseBrown’s Farm, ePhilippi.

Umsolwa – noyilungu eliqavile leZion Christian Church (ZCC) – uzinikele emaphoyiseni aseNyanga kanti kulindeleke ukuthi abekwe icala lokubulala uCele.

Izakhamuzi ebeziwotha ubomvu zicekele phansi umjondolo kamsolwa.

UMandisa Tokwe, noyintombi kamufi, uthi akakakholwa namanje ukuthi ubaba wabantwana bakhe abathathu nalo ongakazalwa balahlekelwe uyise ngenxa yeshumi.

Kuthiwa umufi ubekweleta umsolwa u-R5, nahlulekile ukuwukhokha, wachazela umsolwa ukuthi uno-R4 kuphela kodwa umsolwa wathi uyifuna iphelele imali yakhe.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain November Filander usiqinisekisile lesi sigameko.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...