Umngani kaMalema usolwa ngelokweba
2012-03-20 14:03
Johannesburg - Owayengumngani
kaJulius Malema besakhula, uBoy Mamabolo, usolwa ngokweba u-R416 400 wabakhokhi
bentela ekomidini laseLimpopo elaziwa ngeLimpopo Geographical Names Committee.
Lokhu kuqukethwe
ngumbiko oyimfihlo woMnyango wezemiDlalo, ubucCko namaSiko, uphenyo lumayelana
nezinsolo zenkohlakalo ngoMamabolo.
Umbiko
uputshukele ezikhulwini ze-ANCYL, okuyizona eziwunike abezindaba.
Ikomidi
laqokwa ngo-2010 yilowo owayengungqongqoshe kulo Mnyango uJoyce Mashamba,
uMamabolo wayenguSihlalo, ukuze abheke uhlelo lokuqanjwa kwamagama
esifundazweni.
Ikomidi
labelwa u-R400 000 esabelweni sezimali ngo-2010, kodwa ngemuva kwezinyanga
ezine, ikomidi lalingasenalo ngisho isenti, lalisalelwe ngu-R2 000 kuphela
ebhange.
NgoSepthemba
wonyaka olandelayo, umnyango wabuye wafaka enye imali futhi engango-R400 000
kuleli komidi.
NgoNovemba
wangonyaka ofile, ngemuva kwezinsuku ezingu-26 zokusebenza, ikomidi
laselingenamali futhi, lase lisele no-R25 000 kuphela,” kusho umbiko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA