Umndeni wakwaSteenkamp usuthole abameli
2013-02-26 08:33
Johannesburg - Abazali bakaReeva Steenkamp baqoke abameli abazovikela okungakubona kulandela ukubulawa kwendodakazi yabo emzini womsubathi wakuleli u-Oscar
Pistorius, ngokusho kombiko ngoLwesibili.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko, uJune noBarry
Steenkamp bathi lesi yisikhathi esinzima kubo kodwa bayakuqonda ukuthi abezindaba kungani belulandela kangaka lolu daba, kusho umbiko we-Eyewitness News.
AbakwaSteenkamp bacele ukuba abezindaba bahloniphe ilungelo labo lokwenza izinto esithe.
UPistorius wabekwa icala lokubulala uSteenkamp ngoFebhuwari 14.
Ube esekhishwa ngebheyili ka-R1 million ngoLwesihlanu.
USteenkamp walothiswa ePort Elizabeth ngoFebhuwari 19.
Ummeli uMike Venter no-Advocate Dup de Bruyn
yibona abazomela umndeni wakwaSteenkamp.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA