Umndeni wakwaSteenkamp uqhatha usizi

2013-02-27 12:02

Johannesburg - Ukufa kukaReeva Steenkamp akukhona nje ukulahlekelwa yingane kubazali kodwa balahlekelwe nayimali abebeyithola.

UCecil Myers, "okungubaba kaReeva waseGoli", ukuqinisekisile ephephandabeni iBeeld ukuthi uReeva ubewondla umndeni wakhe.

Ubaba kaReeva, uBarry Steenkamp, wayengumqeqeshi wabadlala amahhashi aphinde naye adlale wona lo mdlalo.

USteenkamp utshele izintatheli ngempelasonto ukuthi wayenza izinto ezincane ezazingenzi mehluko omkhulu.

Umama wakhe wayesebenza epulazini elaliqashwe umndeni wakwaSteenkamp kanti futhi babenesikole somjaho wabamahhashi, kodwa manje useziphilisa ngokupheka uma kunemicimbi, kumanje basemizamweni yokuvula indawo yokudla ePort Elizabeth esebenzisana nabangani bakhe.

Isihlobo salo mndeni sithe uma uReeva evakashile wayehlala eqinisekisa ukuthi uyabanika imali ngoba ubaba wakhe lapho ayesebenza khona wayebuye angaholelwa.

Ngokusho kwemibiko, lo mndeni kumanje awazi ukuthi uzothathani uhlanganise nani ukuze ukwazi ukukhokhela irenti.

“Ukudlula kwakhe emhlabeni kushiye isikhala esikhulu emndenini," kusho umthombo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...