Umndeni uxoshwe yimamba emzini wawo

2015-06-22 12:33

Durban - Umndeni wayeMlazi eThekwini usulishiyile ikhaya lawo ngoba ukholelwa wukuthi kunenyoka yohlobo lwe-Black Mamba ngaphakathi endlini.

UBongiwe Cain, 47, waseMlazi ka-AA utshele abeDaily Sun ukuthi imamba isibaqhwagele umuzi kusukela ngenyanga edlule.

UCain uphinde wathi yena nomndeni wakhe sebekhethe ukuwushiya umuzi oseduze nehlathi ngoba le nyoka ayifuni ukuphuma yize sebeke bafafaza nemakhemikhali athize bezama ukuyixosha.

"Saqala sezwa imisindo yamagundane ngenyanga edlule sazitshela ukuthi ayadlala," kusho uCain.

"Ngokuhamba kwesikhathi sabona ukuthi yinyoka kanti njengamanje le nyoka ibambeke ngaphansi komuzi. Sidinga usizo ukuze ihambe."

OLUNYE UDABA:Kusolwa inyoka engozini ebulale abanrtu e-KZN

Umakhelwane, uBusisiwe Cele, uthe umndeni wakwaCain uhlala emzini wakhe kanti njalo ekuseni bahlala ngaphandle belinde ukuthi iphume.

NgoLwesithathu iNhloko yeParks and Recreational yakwaMasipala waseThekwini, uThembinkosi Ngcobo, wathumela owezilwane, uNick Liebenberg, ukuba ayobheka le nyoka okukhulunywa ngayo kodwa wangayithola.

ULiebenberg ube esebonisa umndeni ngokufanele ikwenze ukuze inyoka izoziphumela.

"Isizathu sokuba inyoka kungenzeka ukuba isengaphakathi yingoba umndeni wakwaCain usuvale zonke izimbobo lapho inyoka ingakwazi ukuphuma khona."

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

  - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

  - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...