Umndeni uphika amahlebezi ngoJub Jub

2012-12-21 13:02

Johannesburg - Umndeni kaMolemo Jub Jub Maarohanye usuwaphebezile amahemuhemu athi lo mculi uzame ukuzibulala njengoba esejele, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesihlanu.

UMaarohanye uzodlela uKhisimusi wakhe wokuqala ejele ngemuva kokuthola iminyaka engu-25 esezikhindini ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala izingane zesikole ezine eSoweto ngesikhathi kwehla ingozi kulandela ukwenza ukuqhudelana ngezimoto endaweni engavunyelwe.

Umndeni kaMaarohanye uthe lo mculi uhlalele ethembeni lokuthi usengakwazi ukucela inkantolo ukuba iguqule isigwebo sakhe.

"Angifuni nokuyinaka nje le yokuthi ubezama ukuzibulala ngoba umfana wethu uyazi ukuthi lisekhona ithemba ngempilo yakhe," kusho uMogosi Moleko, nongumalume kaMaarohanye.

UMaarohanye ugwetshelwe ejele eliseGoli.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Angeke axolise uMalema - EFF

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...