Umndeni unikwe isidumbu ekungesiso esawo

2013-02-01 12:00

Cape Town - Ithuke kwaphela nasozwaneni indoda yaseKapa, ethe ivula ibhokisi ebikholwa wukuthi linonkosikazi wayo, yanqwamana nomuntu engamazi nakwamadala amajuda, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

"Ngivule ibhokisi likankosikazi, ngavele ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kuze indodakazi yami yathi: Akusiye umama lona," kusho uMichael Galant, etshela iphephandaba iDaily Voice.

UMagdalene Galant, 58, washona ngoMgqibelo, ngemuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo.

Indodakazi kamufi uLeota Lakay, utshele iphephandaba wathi abenkampani yabangcwabi abakwazanga ukubachazela ukuthi ziphambane kanjani izidumbu, uthi baqale bazama ukumtshela ukuthi balethe isidumbu ekuyisona sona.

Umndeni wakwaGalant ugcine unikwe isidumbu sawo, kanti inkampani ithembise ukwelekelela ekugcwabeni umama wekhaya.

Umbiko wephephandaba uthi inkampani isixolisile.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...