Umndeni ukhala ngokubulawa komsolwa
2013-02-15 12:03
Johannesburg - Umndeni wowesilisa waseMalekutu ngaseWhite River, eMpumalanga, uthi usakhungathekile kulandela ukubulawa ngesihluku kwakhe ngezinsolo zokudlwengula intombazanyana,9, kubika iSowetan.
UMduduzi Mahlangu, 30, uhlaselwe ngabantu abebevutha bengabaselwe ngemuva kokusolwa ngokudlwengula le ngane ngoMsombuluko.
Ozibonele, u-Ennie Mohlala, 78, nohlala ngasemzini ka-anti kaMahlangu, uLilly Lessing, 65, ulandisa ngalesi sigameko: "Besihleli emthunzini ngesikhathi uMahlangu eqhamuka eyinhlamvu ejwahwa abantu ememeza ethi bafuna ukumbulala, namanje ngisathukile."
UMohlala uthi la bantu bebehlome ngezibhamu, izagila, izitshwebhu nobhushu.
"Sibabuzile ukuthi kwenzekani kodwa basichapha ngenhlamba. Bamshaye ngebhodlela ekhanda, bambopha ngocingo bahamba naye, sizwe sekuthiwa ushonile. Akukho ebesingakwenza ukusiza," esho.
Owamaphoyisa uColonel Leonard Hlathi uqinisekisile ukuthi kubikiwe ngalesi sigameko kodwa akukaboshwa muntu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24