Umndeni ukhala ngesibhedlela 'esibathusile'

2012-08-03 10:06

Johannesburg - Umndeni utshelwe ukuthi uZanele, 26, useshonile ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngosuku lwangayizolo, wabe usuqala ukwenza amalungiselelo okumfihla.

Kodwa kuthe uma beyobheka esibhedlela, bamthola ephila! UZanele, wase-Block W, eSoshanguve, ungene eDr George Mukhari Hospital eGa-Rankuwa ephethwe yikhanda nomqala.

Udokotela uthe uphethwe yi-meningitis, ngokweDaily Sun.

UFaith Ralidzhivha, 53, okungumalumekazi kaZanele, uthe uthole ucingo lumazisa ukuthi uZanele useshonile. Ube esetshela umndeni.

“Ngomsombuluko ngiye esibhedlela nendodakazi yami uPrecious, 29, ukuyothatha isidumbu sisihahambise emakhazeni.” 

Abasebenzi bathe bayombheka uZanele. Kodwa ngithuke ngoma ngesikhathi ngithola uZanele esembhedeni ephila!

UPrecious uthe: “Akekho onginike incazelo ephilayo, ngisho nabaphathi imbala bahlulekile.

UPhume Khumalo woMnyango wezeMpilo eGauteng uthe: “Umgomo wesibhedlela awukuvumeli ukuba abasebenzi batshele izihlobo ngokudlula emhlabeni kwesihlobo sabo ngocingo.”

Umndeni ube usuhambisa uZanele kwesinye isibhedlela.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...