Umndeni oshonelwe ucela kufakwe amanethi olwandle
2011-01-18 10:02
East London - Umfokamufi obengumntwezi osemncane obulawe ushaka olwandle lwasePort St Johns ngempelasonto usecele uhulumeni ukuthi welekelele ngokufaka amanethi azovimbela oshaka.
"Sekwanele manje," kusho u-Avuyile Ndamase, nongubhuti omdala kaZama Ndamase, etshela iDispatch Online.
"Yinye kuphela impendule; ukufaka amanethi azovimbela oshaka. Oshaka sebeyayazi lendawo manje--kungakho bahlala baphinde babuyele kuyona.
"Asisafuni ukuntweza lana manje."
UNdamase, obengomntwezi weBorder wesifundazwe, uhlaselwe ushaka olwandle lwaseSecond Beach ePort St Johns esifundazweni sase-Eastern Cape ngoMgqibelo. Wopha waze washona esemanzini.
Kanti obesengumuntu wesihlanu ukuhlaselwa ushaka kuloluya lwandle eminyakeni emithethu.
- SAPA