Umlilo uvale ngehlahla emndenini e-E Cape
2011-07-28 07:44
Johannesburg - Amaphoyisa ngoLwesine athe kushone umndeni, obunamalungu amane, ngesikhathi umjondolo abebehlala kuwo wokheleka ngomlilo belele eNgcobo, e-Eastern Cape.
"Sikholelwa ekutheni lo mlilo udalwe yi-heater kule nhlekelele eyenzeke ngoLwesithathu ebusuku," kusho uLieutenant Colonel Mzukisi Fatyela.
Uthe lo mjondolo waseMaxelegwini ushe ngezithuba zawo-11 ebusuku. Ngaphakathi bekukhona owesifazane, 55, indodakazi yakhe, 30, umfana, 15, nentombazanyana ena-8 ubudala.
"Omakhelwane bawubone lo mlilo kungasekho okutheni abebengakwenza," kusho uFatyela.
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA