Umlilo ushiye ubhubhisile eKapa
2012-11-26 07:44
Johannesburg - Babalelwa okungenani kwabangu-79 abantu abasale bedinga kulandela imililo equbuke emijondolo eyisihlanu ehlukene eWestern Cape ngempelasonto, kusho isikhungo sezinhlekelele.
Okhulumela lesi sikhungo uWilfred
Solomons-Johannes, uthe bekusha eLotus River,
kwaLanga, Milnerton, Khayelitsha naseKraaifontein.
“Umlilo ucekele phansi imijondolo engu-16 eSiyahlala kwasala dengwane abantu abangu-36," kuqhuba uSolomons-Johannes.
Uthe bahlinzeke izisulu ngokudla, izingubo zokulala nezokugqoka kanjalo nezimpahla zokwakha.
Akucaci kahle ukuthi yini edale lo mlilo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA