Umlilo ushiye kukhalwa eKapa

2012-12-18 10:10

Cape Town - Babalelwa ku-320 abantu abasale dengwane ngemuva kokusha kwemijondolo engu-80 ezigamekweni ezimbili eKapa, kusho ithimba lezinhlekelele kulo mkhandlu.

Olikhulumelayo uTheo Lane uthe umlilo wokuqala ubuseSection 6, emijondolo yaseCalifornia ngabo-19:00 ngoMsombuluko ebusuku.

"Kushe cishe imijondolo ebalelwa ku-60 kwasala abantu abangu-200 bedinga. Akekho olimele,” esho.

"Umlilo uqalwe yisitofu esishiywe singanakwe muntu.”

Umlilo wesibili uqale ngabo-00:15 ngoLwesibili emijondolo yase-8th Avenue.

Abathintekile bahlinzekwe ngezinsiza zesikhashana, kusho uLane.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...