Umlilo ushiye kukhalwa e-E Cape
2012-11-12 07:36
Johannesburg - Umlilo ucekele phansi okungenani imizi engu-100 eSt Francis Bay e-Eastern Cape, kusho uMasipala waseKouga, njengoba kuthiwa isaqhubeka imizamo yokuwunqanda.
“Izicishamlilo zibike ukuthi kucekeleke phansi izindlu ezingu-100 kanti umlilo usaqhubeka ngenxa yomoya onamandla," kusho okhulumela umasipala uLaura-Leigh
Randall.
“Imbangela yomlilo ayikaziwa, kodwa uqale ngabo-17:30 eRoyal Wharf, nokuyizindlu zikanokusho,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA