'Umlando wakuleli udinga ukubhalwa kabusha'
2012-10-30 14:54
Johannesburg - Umlando wakuleli udinga ukubhalwa kabusha ukuze kulungiswe imithelela yengcindezelo ngakwezemfundo, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande ngoLwesibili.
"Umlando wakuleli awudingi nje ukubhalwa kabusha kuphela, kepha udinga ukuhumushwa ngendlela ehlukile, uphenywe kabusha ngaphambi kokuba ubhalwe," esho enkulumweni azoyethula eKapa.
"Kuningi okungabalulwa emlandweni wethu, noma kubikwe ngakho ngendlela evuna abathile."
UNzimande ubekhuluma ngesikhathi kumenyezelwa iSA History Online Student Internship Programme.
"Kuyadabukisa ukuthi ngalesi sikhathi sesikhululekile ukuthi sifeze amaphupho ethu, asisenalo ugqozi ngemvelaphi yethu."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA