Umkhonyovu kukhishwa ithenda
2012-06-21 16:28
Johannesburg - Inhlangano iCorruption Watch ithi uphenyo ekade ilwenza lukhomba ukuthi kukhona umkhonyovu owabakhona ngesikhathi uMnyango wezokuThutha ukhipha ithenda ka-R13 million.
UMnyango wakhipha ithenda ukhiphela inkampani eyabe ingenayo imininingwayo ephelele kuleyo edingekayo, waphinda wayigixabeza ngo-R10 million, kusho isitatimende.
Inkampani iGlobal Interface Consultancy yahlomula ithenda ngoJuni nyakenye, yacela ukukhokhelwa imali engu-R13.5 million.
Ezinye izinkampani i-Indigo Design ne-Event Marketing zacela ukwenza umsebenzi zikhokhelwe kuphela u-R3.837 million.
Inkampani i-Indigo Design, yafaka izikhalazo emnyangweni, nakumvikeli womphakathi kanjalo neCorruption Watch.
Umnyango ubungakatholakali ukuthi uziphawulele.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).