Umholi we-ANCYL usazocacisela inkantolo - NPA
2012-09-13 15:21
Durban - Umholi we-ANCYL oboshwe mayelana nokubulala abaholi be-ANC egatsheni elisePort Shepstone akakalivumi ngaphambi kwenkantolo leli cala, kusho iNational
Prosecuting Authority ngoLwesine.
Okhulumela i-NPA uNatasha Ramkisson uthe uSifiso Khumalo uvele eNkantolo yesiFunda ePort Shepstone ngoLwesithathu, kodwa wangalivuma noma aliphike icala.
UKhumalo, 31, uboshwe ngoMsombuluko mayelana nokubulawa kukaBheki Chiliza noDumisani Malunga.
UKhumalo uvele enkantolo nalowo asolwa naye uSamuel Cele, 34.
Bazophinde bavele enkantolo ngoSepthemba 19, kusho uRamkisson .
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA