Umhlaba ushaqekile ngolukaPistorius

2013-02-15 07:32

Johannesburg - Umsubathi wakuleli u“Blade Runner” Oscar Pistorius, nowazakhela ugazi ngokuzimisela kwakhe kulo mdlalo, ubekwe icala lokudubula abulale intombi yakhe emzini wakhe ePitoli.

Amaphoyisa athi avule icala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane emzini kaPistorius eSilverlakes ngoLwesine.

UPistorius, 26, nentombi yakhe uReeva Steenkamp, bekuyibona kuphela abantu abebekhona kulo muzi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sokudubula.

Owamaphoyisa uBrigadier Denise Beukes utshele izintatheli ukuthi omakhelwane bazwe ukuxokozela ngaphambi kokuqhuma kwesibhamu.

Abezokugijima bathi baphoxeke kakhulu ngalokhu kanti futhi bayazwelana noPistorius uma kungukuthi umsulwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...