Umgwaqo akuyona indawo yokudlala - Ungqongqoshe
2013-01-03 11:00
Johannesburg - Imigwaqo yethu ayisizo izinkundla zokugijimisa izimoto, abafuna ukubekelelana abaye eKyalami, hhayi emigwaqeni yomphakathi, kusho uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng, uFaith Mazibuko.
Ukhulume kanje kulandela ingozi eshiye kushone abantu abahlanu kwalimala kuyona abathathu kujiginywa ngezimoto eKagiso, eWest Rand.
Obehamba ngezinyawo oneminyaka engu-78 kanye nabanye abebehamba ngeveni bashonile ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuyilawula emgwaqeni uSebenzisa Street, ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi iveni ibijahana nenye imoto, iveni ishayise yabulala uNko Motshwane, obelibhekise emathuneni ehamba nendodakazi yakhe.
UMazibuko uthe kuyaqhubeka ukuthi abantu abangenacala balahlekelwe yimpilo yabo ngenxa yabajahana emigwaqeni ngezimoto esifundazweni. "
"Ukujahana ngezimoto akwamukelekile emphakathini yethu. Sinethemba kuzokwenziwa ubulungiswa.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).