Umfundisi uzovela ngelokudlwengula

2013-02-27 12:02

Johannesburg - Umfundisi wase Judah African Revival Mission Church eKya Sand, kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eKrugersdorp ngoLwesithathu ngecala lokudlwengula intombazane,13, kusho umbiko.

I-The Star ibike ukuthi umfundisi, 32, usolwa ngokulutha intombazane ngenhloso yokulala nayo phakathi kuka-Okthoba noDisemba ngonyaka odlule, waqamba amanga wathi kuyo uyagula kodwa uma engalala nayo angalapheka.

Waboshwa ngoJanuwari kanti ubesagcinwe khona ejele, ngokusho kombiko.

Umama wentombazane utshele iphephandaba ukuthi umphakathi udinwe ugane unwabu waphinde wathi umndeni ubumethemba umfundisi ngoba ubekholwa futhi ejwayele ukubavakashela.

Umama wabona umyalezo ocingweni lwentombazane ngesikhathi efuna ukulusebenzisa.

Ngokombiko, umyalezo wawududuza intombazane ngoba yayizwa ubuhlungu.

"Indodakazi yami yangitshela ukuthi lo mkhuba wenzeka izikhathi ezinhlanu," kusho umama etshela iphephandaba.

"Wayeyitshela ukuthi uyayithanda futhi ibalulekile...ngesikhathi lokhu kwenzeka okokuqala wayitshela ukuthi uyeza uzolala nayo ngoba uyagula."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...