Umfundisi kwenye futhi ingozi yesitimela

2015-08-19 16:02

Johannesburg – UBekkie Mans uvuswe umsindo phakathi kwamabili wabona kuqhasha izinhlansi ngaphandle kwewindi ngesikhathi isitimela ebebehamba ngaso siphuma emzileni waso ngaphandle kwaseKimberley.

Lo mfundisi wase-East Rand bekungokwesibili ebandakanyeka engozini yesitimela seShosholoza Meyl esikhathini esyiminyaka emithathu.

“Ngivuswe umsundo omkhulu. Ikhethini lami belivuliwe, ngabe sengibona izinhlansi ngaphandle. Ngivele ngamemeza unkosikahthi wami ngimtshela ukuthi isitimela siphuma emzileni,” usho kanje.

Funda nalolu daba: 'Izibulele intombi ebihlushwa yisoka'

Eminyakeni emithathu eyedlule wayesesitimeleni esasimile seShosholoza Meyl ngesikhathi esinye sishayisa ayekusona ngemuva kokuba seqe irobhothi.

Kwashona owesifazane oyedwa kuleso sehlakalo.

Kule ngozi kodwa ke akushonanga muntu.

Okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring uthe bangu-12 abantu abalimale kule ngozi.

Okhulumela iShosholoza Meyl, uMthura Swartz, uthe bangu-60 abantu abelashelwe ukwethuka.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...