Umfundisi kwelokudlwengula umshana wakhe

2013-04-10 12:07

Johannesbdurg - Ubaba wentombazane eneminyaka engu-14 ubudala eyadlwengulwa iphendelelwa ngumalume wayo, ongumfundisi, usethembise ngokuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuqinisekisa ukuthi umalume uyaboshwa.

Lo mfundisi, 48, selokhu agcwala izinkalo kusukela kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa eSoshanguve emasontweni ayisikhombisa edlule, kubika iSowetan.

Umfundisi wagcina ukubonakla esemzini oseWinterveldt, enyakatho nePitoli, ebonwa yilungu lomphakathi emasotweni ambalwa edlule.

"Ngesikhathi siya endlini wayengasekho. Safika iwindi lendlu livuliwe," kusho ubaba wengane.

"Kumele ngabe useboshiwe manje," usho kanje.

Uthe intombazane yayihlala nomndeni kamalume wayo ngonyaka odlule, ukuze ibe seduze nesonto eliseSoshanguve.

Yayihlala endlini engaphandle. Kusolwa ukuthi umalume waqala ukuyilwengula isanda kufika.

NgoDisemba yagula yahanjiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi ibikhulelwe yaphuphunyelwa yisisu.

Ngemuva kokuba isiphumile esibhedlela Dr George Mukhari Academic Hospital eGaRankuwa intombazane yabe isilubika lolu daba.

Okhulumela amaphoyisa aseSoshanguve uConstable Reneilwe Moloisane, uthe kuyaphenywa ngalolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...