Umfundisi kwelokudlwengula ingane
2012-11-22 10:07
Johannesburg - Umfundisi waseSoweto uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesihlanu mayelana nezinsolo zokudlwengula kanye nokubukubeza izingane ezincane.
Umbiko wephephandaba iSowetan uthi umfundisi ubhekene namacala ahlanganisa elilodwa lokudlwengula kanye namabili okunukubeza ngokocansi izingane ezincane.
Umfundisi angeke lidalulwe igama lakhe kuze kuba uvela ngaphambi kwenkantolo.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela uthi umfundisi uneminyaka engu-62 ubudala, uthi wanukubeza izingane ezineminyaka ephakathi kwengu-12 no-15 ubudala, lokhu wakwenza izikhathi esiyizinyanga.
Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala yadlwengulwa ezinye izingane ezimbili zanukubezwa ngokocansi.
"Umfundisi unespaza emzini wakhe, ubebamba izingane uma zizothenga," kusho uMakhubela.
Kuthiwa lona wayedlwengula ingane bese eyinika imali kuze ingeke itshele abazali, intombazane yagcina ishilo kubo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24