Umfundi ugwazwe wabulawa ngaphakathi esikoleni

2012-11-08 16:22

Johannesburg - Umfana ofunda isikole ubulewe esesikoleni afunda kuso iTshedimosetso Secondary School, eJouberton, eNorth West, esehlakalweni ekukholakala ukuthi esokuziphindiselela.

Ngokusho kukaCaptain Pelonomi Makau, umufi wagwazwa ngomunye umfundi  oneminyaka engu-20 ubudala, ngoLwesithathu.

Kuthiwa umufi ubesola umhlaseli ethi uyathinteka ekubulaweni komzala wakhe, okwenzeka ngeSonto.

"NgeSonto, umsolwa ekanye nabanye abathathu, baphelezela othize wesifazane eya kubo, endleleni bahlangana nesoka lowesifazane kwase kuqala ingxabano," kusho uMakau.

Isoka labe selixabana nabafana ababili, lagcina ngokugwazwa, lashonela endaweni yesehlakalo.

"Abafana ababili baboshwa bathweswa icala lokubulala, bekulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp," echaza.

NgoLwesithathu umfundi lona uxabane nomunye afunda naye bebanga lokhu okwenzeka ngeSonto.

"Umfundi oneminyaka engu-20 wabe esekhipha ummese egwaza omunye esifubeni, umfundi uphelele esibhedlela," kusho uMakau.

Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp, ngoLwesihlanu.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...