Umfundi ubulewe kubangwa ipeni lomsizi

2012-10-18 10:06

Johannesburg -  Umfundi oneminyaka engu-16 ubudala wasesikoleni samabanga aphakeme iBerea Park High School, ePitoli, ugwazwe wabulawa ngomunye umfundi oneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi beba nengxabano bebanga ipeni lomsizi.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Katlego Mogale, abafana laba bebengabangani.

Iphephandaba iBeeld, libike ukuthi uDonald Molefe, ushonele endaweni yesehlakalo, ngemuva kokugwazwa amanxeba amaningi kusetshenziswa u-okapi.

Uthishanhloko u-Izak Theron ubizelwe endaweni yesehlakalo, nokho wafika selidume ledlula," ezisholo ngowakhe.

UTheron uthe kumethusile ukuthi kukhona abafundi abaphatha imimese esikoleni, wathi bonke abafundi bayaseshwa njalo ekuseni uma bengena esangweni.

Umalumekazi kamufi uDiana Teba, uthe umndeni ushaqekile ngalokhu kubulawa kwendodana yawo, uthe okuxaka kakhulu ukuthi laba bebengabangani abakhulu.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kwakhiwa izikole zesimanje eGauteng

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...