Umfundi owakhubazeka ubopha uthisha
2012-08-06 12:04
Johannesburg - Ibhungu elineminyaka engu-22 ubudala, lifake enkantolo uMnyango wezeMfundo eLimpopo, lifuna isinxephezelo sika-R4 million kulandela ukuthi likhubazeke ngemuva kokushaywa nguthisha, kubika iSowetan.
USelly Oupa Mokonyama, okumanje uhamba ngezinduku, uhambise amaphepha eNKantolo eNkulu ePitoli, amaphepha athi washaywa ngenduku yomshanelo, eshaywa nguthisha esikoleni samabanga aphansi iMolemo Primary
School.
Isehlakalo senzeka ngesikhathi uMokonyama eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.
"Angikaze ngishaywe kabuhlungu kanjeya. Ngawa ngangabe ngisakwazi ukuvuka," esho etshela iphephandaba.
"Ngakhala kwaze kwafika othisha abanye bangisiza, sengingene ngiphuma ezibhedlela. Angilutholi usizo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA