Umfelokazi ubulawe emngcwabeni womyeni

2013-02-18 16:37

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa umfelokazi kwathi indodana yakhe yalimala emngcwabeni womyeni wakhe, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

UCaptain Thulani Zwane uthe lesi sigameko senzeke eGrootgeluk ngaseNewcastle ngeSonto.

"Bobabili abadutshuliwe baphuthunyiswe esibhedlela nalapho owesifazane, 53, efike waphelela khona," kusho uZwane.

Indodana yakhe, 30, isesimweni esigculisayo.

Umsolwa ubanjwe ngabantu abebezokhalisa umndeni.

"Kuthiwa umphakathi uthe ukumbhabhadisa kancane ngezimpama nangamanqindi, wayiswa esibhedlela," kusho uZwane.

Kushaqwe isibhamu nezinhlamvu, nokukholakala ukuthi kusetshenziswe kulesi sigameko.

"Isibhamu sizoya kohlolwa ukuthi asikaze yini sisebenze kwezinye izigameko zobugebengu."

Umsolwa, 39, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni kungekudala, nalapho ezobhekana khona necala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Imbangela yokudubula ayikacaci.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...