Umfana ona-8 ushade owesimame ona-61
2013-02-19 16:21
Dimakatsho Modipa, Daily Sun
Mamelodi - Abaphansi bafika ngephupho kumfanyana oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, bamtshela ukuthi kumele ashade umshado omhlophe, njengoba eqanjwe ngegama likamkhulu wakhe owashona efisa ukuba nomshado omhlophe.
Balinganiselwa ku-100 abantu ababe yizibukeli ngesikhathi kuqhubeka lolu uhlobo lomshado ongajwayelekile, obuphakathi kukaSanele Masilela, 8, noHelen Shabangu,61.
Abantwana bakaShabangu abahlanu, nabo bebekhona ukuzobukela lesi simanga ebesenzeka e-Extension 6, eMamelodi East, eTshwane.
U-Anti womfana uPatience Masilela, 46, uchazele ibandla ukuthi kungani kuqhubeka lo mshado, wathi: “umfana uqanjwe ngagama lika mkhulu wakhe, amadlozi afika kuye ngephupho amtshela ukuthi kumele ashade. Wabe esekhetha uHelen ukuthi abe ngunkosikazi wakhe."
"Asiyibukelanga phansi indaba yakhe yokufuna ukushada, sakhokha nelobolo lika-R 7000 sikhokhela uHelen, sasebenzisa u-R15 000 ngomshado usuwonke.
UMasilela utshele iDaily Sun wathi: “Nami ngishadile nginabantwana kodwa ngiyazi ukuthi lokhu bekufunwa ngabaphansi - sebejabulile manje."
Umyeni naye zikhulumele nephephandaba wachaza isizathu sakhe sokufuna ukushadelwa.
“Ngatshela umama ngathi ngifuna ukushada, ngakhetha uHelen ngoba ngiyamthanda futhi ngiyakujabulela kuba ngumyeni wakhe - ngizoqhubeka nesikole. Uma sengimdala ngiyophinde ngishade nentokazi engangami."
Umyeni kaHelen u-Alfred Shabangu, 65, utshele iphephendaba wathi akanankinga ngalo mshado ngoba ubufunwa ngabaphansi.
“Asikhathazekile singumndeni, lona akuwona umshado wesitifiketi, umshado wokujabulisa abaphansi."
Abashadikazi babe sebeqabulana phambi kwezibukeli
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun