Umengameli ucelwe ukuba ahlehlise ukhetho

2015-05-18 14:28

Nairobi – UMengameli waseKenya u-Uhuru Kenyatta usetshele umholi waseBurundi uPierre Nkurunziza ukuthi kumele aluhlehlise ukhetho okumele lubanjwe ngenyanga ezayo.

Lokhu kulandela ukubhuntsha kokuvukelwa koMbuso ngombutho wezempi.

Lowo okhulumela uKenyatta, uManoah Esipisu, uthe la baholi bobabili, bakhulume ngocingo ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Kushone 3 emibhikishweni eBurundi

U-Esipisu uthe nabanye omengameli ezwenikazi i-Afrika babona ngasolinye noKenyatta.

Abaholi bafuna lolu khetho oluhlelelwe umhlaka-26 Juni luhlehliswe kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile.

Uthuthuva lwaqala ngesikhathi uNkurunziza ememezela ukuthi uzongenela esikamengameli ihlandla lesithathu.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...