Umehlokaboni ngokubulawa kukasomabhizinisi eThekwini

2015-07-16 10:01

Durban - Kukhishwe umehlokaboni ongu-R10 000 konolwazi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe usomabhizinisi waseThekwini eWestville ngesikhathi ezama ukuvikela umndeni wakhe.

UYashin Bagwandeen, 43, ubulawe ngoLwesibili emzini wakhe phambi komndeni wakhe.

Kungene amadoda amane ehlomile emzini kaBagwandeen ezenza amakhasimende abakhomba ngezibhamu.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa ababulale usomabhizinisi eThekwini

UBagwandeen wadutshulwa ngesikhathi eyobheka ukuba kuqhubekani ngesikhathi ezwa umsindo egcekeni.

USuren Balram ongumnikazi wenkampani yonogada iTrans-Natal Flying Squad unikele ngemali engu-R10 000 kamehlokaboni konolwazi ngesigameko ukuze kuzoboshwa lezi zigilamkhuba.

UBalram obengamazi uBagwandeen noma umndeni wakhe uthe ngemuva kokuzwa ngesigameko wakhetha ukuba anikele ngemali engu-R10 000 ngenhloso yokusiza umndeni, kubika iTimesLive.

Okhulumela amaphoyisa, uMajor Thulani Zwane uthe kuphenwya icala lokuphanga nelokubulala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-8 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...