Umehlokaboni ngokubulawa kukaCommins

2013-02-25 14:04
Yabelani Shicilela

Cape Town - Sekuyisikhathi cishe esingangenyanga kwabulawa lowo owabe engumdlali wekhilikithi weWestern Province uJohn Commins kodwa namanje ukukaboshwa muntu, kubika iCape Argus.

Umndeni wakwaCommins manje usukhethe ukukhipha umehlokaboni kunoma ngubani ongasiza ekutholeni ababulali.

UCommins,71, wabulawa ngenyanga edlule ngabesilisa abathathu abagqekeza endlini.

UCommins nonkosikazi wakhe uCherie, baboshwa.

Abaphangi bathatha imali, amasheke kanye nobucwebe, baphinde bathatha nendandatho kaCherie.

Ngemuva kokuba sebehambile, unkosikazi wathola isidumbu somyeni wakhe siboshelwe embhedeni.. Amaphoyisa athe ngaleso sikhathi awabonanga zibazi

Umphenye wangasese wondeni, uChristo Herselman, ukholelwa ukuthi ukubulala kungenzeka kwaba yiphutha izigebengu zazihlose ukuphanga kuphela.

UCommins, owadlalela iWestern Province Cricket Union ngeminyaka yawo-1960s, ngumfowabo omncane wesikhulu esiphezulu seWestern Province uKevin Commins.

Amaphoyisa aseClaremont akuqinisekisile ukuthi asaliphethe leli cala.

Uma unolwazi ungaxhumana noChristo Herselman ku-079 026 1267 noma uMkhusili Ngqiyana ku-073 305 4763.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Haze. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...