Umehlokaboni ngababulala imenenja

2012-06-27 10:02

Johannesburg - Isitolo sakwaSpar sesikhiphe umehlo kaboni ka-R100 000 kunoma ngubani ongasiza kutholakale izigilamkhuba ezadubula zabulala imenenja yesitolo mhlaka 10 Juni.

Isikhangisi sikhishwe ephephandabeni iBeeld ngoLwesithathu.

Ukuhlasela kwenzeka ngesikhathi izigilamkhuba zizobamba inkunzi kuSpar oseJukskei Park.

Lesi sehlakalo saqoshwa ngamakhamera eCCTV, mhla zintathu kuwona uJuni kwahlaselwa esitolo sotshwala eMelville, amaphoyisa akholwa wukuthi zombili izigameko zenziwe ngabantu ababodwa.

Isikhangisi esisephephandabeni ziveza umfanekiso wezigilamkhuba owaqoshwa ngaphambi kokuthi kudutshulwe uPaul Androliakos.

Kuyacelwa ongaba nolwazi ashayele amaphoyisa enombolweni engu-071 316 8947.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...