Umdwebo wawungithuka - Zuma

2012-12-14 14:03

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uchaze umdwebo kaBrett Murray, iThe Spear, owawuveza ubuntu bakhe bungaphandle, njengento engahlukile nokumchapha ngenhlamba.

UZuma ubekhuluma neThe Guardian enkulumweni ebithinta zonke izihloko ngeNingizimu Afrika.

Uthe abantu bakuleli banemibono eyehlukene ngalo mdwebo, nokwaholela ekutheni abalandeli bakhe bamashele eGoodman Gallery eGoli ngoMeyi ukuyozwakalisa ilaka labo ngawo.

Ababhikishi ababili bangena ngendlov'iyangena kule ndawo yokubukisa ngemidwebo, bawucekela phansi.

"Kunabantu abacabanga ngendlela ehlukile. Angiboni ukuthi kungenzeka ukuthi abantu bezwe bacabange noma benze ngendlela eyodwa."

"Ngabona inhlamba yodwa kulo mdwebo," kuqhuba uZuma.

"Uma uzama ukuveza umuntu othile, kwenze ngendlela enambithekayo. Iningi labantu aliwuthandanga lo mdwebo. Abanye baze bathi awusizi ekulweni nokucwasa ngokwebala kuleli."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...