Umcimbi uphele ngezinyembezi eKZN
2012-08-06 08:22
Thamsanqa Magubane noBrett Horner
Durban - Uphele ngezinyembezi umcimbi womndeni enyakatho neKwaZulu-Natal ngesikhathi kugasela amadoda abehlome eyizingovolo, adubula ashiya abantu abayisihlanu beshonile.
Kulesi sigameko kulimale abanye abangu-17.
Lesi sibhicongo senzeke ngaseSundumbili neyakhelene neMandeni ngoMgqibelo ebusuku.
Izakhamuzi zithi lokhu kudubulana kuqutshulwe wumbango ophakathi kwezibongo ezimbili.
Omunye wemindeni ubuwemulisa amantombazane amabili.
INkosana uNkosinathi Zulu, noyilungu lobuholi bendawo, uchaze lesi sigameko njengento abangakaze bayibona ngaphambilini.
“Baphendule idili lenjabulo balenza elezinyembezi," esho.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe: “Le ndawo isemakhaya kakhulu kanti kusithathe isikhathi ukuba sifinyelele kuyo ngenxa yokuthi isezintabeni futhi ayikho imigwaqo ngaphakathi."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness