Umbhikisho ekulalelweni kwezethulo ngo-Eskom

2013-01-30 14:05

Johannesburg -  Iqulu labantu libhikishe ngaphandle kwaseGallagher Convention Centre, eMidrand, la khona abakwaNational Energy Regulator of SA (Nersa), belalele khona izethulo zomphakathi ngesicelo sakwa-Eskom sokwenyusa amanani kagesi.

Balinganiselwa ku-100 abantu abakade begqoke izikibha ezibomvu, ababambe umbhikisho bephethe izingqwembe.

Ezinye izingqwembe bezithi: "Isicelo sakwa-Eskom sizoqeda imisebenzi kwehle nesimo somnotho.".

Abesilisa ababili babonakale bezibophe ngamakhebula kagesi, belele phansi, ngasemakhanda kunezingqwembe ezithi: "Eskom uyasibulala".

Abakwa-Eskom bafaka isicelo sokwenyusa amanani kagesi ngo-16% kuze kube yiminyaka emihlanu, ukulalelwa kwezimvo zomphakathi kuzoqhutshwa kuwona wonke amadolobha.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...