Umbhalo kaFacebook uvuse impi yobuhlanga

2013-02-07 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uphiko lwentsha lwe-Afriforum egatsheni laseNorth West University esikhungweni esisePotchefstroom ngoLwesithathu lufakele uSihlalo weSA Students Congress (Sasco) uJason Mfusi isikhalazo mayelana nenkulumo yakhe enamagama anenzondo phakathi. 

UMfusi kuthiwa uphawule ekhasini lakhe ku-Facebook wathi "my grandfather says a good farmer is a dead farmer", (umkhulu wami uthi umlimi omuhle, umlimi ofile) kubike iBeeld.

UKiewiet Scheppel, okhulumela inyuvesi, uthe i-Afriforum ifake isikhalazo ekomidini lesikhungo elengamele amalungelo abantu, kanti kuyaphenywa.

I-Afriforum ithe ngemuva kokuthola isikhalazo ngeSonto, ibe isizibhekela ngokwayo ukuthi ngempela uMfusi ukwenzile yini lokhu kuphawula enkundleni yezokuxhumana.

USolwazi uHerman van Schalkwyk, onguShansela wesikhungo sasePotchefstroom, uthe inyuvesi ilindele ukuba wonke umuntu awahloniphe amalungelo oMthethosisekelo.

"Ikomidi lamalungelo abantu e-NWU lisebenza ngaphansi kongoti abazimele bezemithetho kanti linamalungu angu-12 amele umphakathi wenyuvesi… abanalo ilungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho, kodwa bangenza izincomo kubaphathi ngokumele kwenziwe,” kusho u Van Schalkwyk.

UMfusi uthe abammeli bakhe bathe angaphawuli ngalolu daba futhi ngeke awususe lo mbhalo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...